Gumbi Enterprises © All Rights Reserved.  Privacy Policy | Terms of Use

Ekhaya.History.The Elites.Zulu Culture.Contact.
Ekhaya.History.The Elites.Zulu Culture.Contact.
Background info

Kuliqiniso elingephikiswe ukuthi isizwe sakwaGumbi sisabalele lonke izwe laseNingizimu Afrikha. Abantu bakwaGumbi batholakala kuwo wonke amagumbi amane omhlaba. Abanye babo baze batholakale emazweni afana no Zambia, Malawi kanye noTanzania. Empeleni iningi loGumbi abakwamanye amazwe abananazi ukuthi bangamaZulu futhi badabuka kwelakwa-Zulu.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi abamhlophe bethatha imihlaba yabantu ngendluzula, nabo abakwa Gumbi balahlekelwa yindawo yabo okwabangela ukuba basabalale bagcwale zonke izinkalo. Ngokuhamba kwesikhathi kanye nokuhlala ezindaweni ezihlukene, lokhu sekudale ukuthi oGumbi bazithole sebenezithakazelo ezahlukene nezichaza izindlela abahlangabezene nempilo ngazo. Esizama ukukwenza ukuqongelela ulwazi mayelana nesizwe sakwaGumbi. Ngakho-ke niyamenywa nonke maGumbi ukuba nisithumelele ulwazi kanye nemicabango eninayo.

Umlando/History
Emuva kokuba uZwide esehlasele wabulala uDingiswayo inkosi yakwaMthethwa, iLembe (uShaka) lathukuthela lagana unwabu , lase liyiphaka impi, liyoziphindisela kuZwide. Phela iLembe lalikade likhulele ngaphansi kwesizwe sakwa Mthethwa. UZwangendaba nomnawakhe wasekhohlo uSomkhanda kaZiguda bakwaJele, induna kaZwide uNxaba, noSoshangane wakwaNxumalo yibona ababesekhaleni kuleyompi.Impi kaShaka noZwide yalwela eMhlathuze yaze yaphelela kwaGqokli ngonyaka we 1818 lapho iLembe lanqoba khona lehlula abakwaNdwandwe. Ekwehlulweni kwabo abakwaNdwandwe, izinduna nabalandeli bazo zasabalala zagcwala izwe lonke sezibalekela uShaka. USoshangane wabaleka wabheka enyakatho nezwe (Mozambique), uZwangendaba wabaleka noSomkhanda nesizwe saKwaJele babheka eSwazini beqhuba imihlambi yezinkomo.